Umlando: Lengqungquthela inikeza ithuba elihlukile kithina sonke ukuthi siphinde sichaze futhi siziqinisekise njengabantu abanezimilo, futhi sonke sikwazi ukwenza izinto ezibambekayo, ezibonakalayo futhi sakhe amaqhinga kanye nezinhlelo ezizokwenza ukuthi sikwazi ukuvumela imiqhathango yokuphila ehambisanayo neNingizimu Afrika entsha enentando yeningi (Isekela likaMongameli Wezwe Jacob Zuma).
I-MRM yinhlangano yomphakathi engaqondile ukuthi isetshenziswe yizikhulu eziphezulu kodwa umphakathi uqobo. Inhloso yawo ukuhlanganisa zonke izinto ezithinta umphakathi mayelana nezimilo. Ukuziphatha kahle okuphezulu kuyavezwa kuwowonke amasiko futhi nabantu bafisa ukuguqula zonke izinto ezingamukelekile emiphakathini kanye nezenzo eziphazamisa izwe lethu.
I MRM iyothinta umgomo wokuthi umuntu ngamunye kumelwe enakekele izimpilo zabanye, kusukela ekwazini ukuthi sazikhulula thina kwingcindezi yobandlululo namanje futhi kumele ukuthi sizikhulule kwimithelela yobandlululo - uMongameli Thabo Mbeki.
I MRM iwuhlaka lokugqugquzela, ilekelele, yazise futhi ixhumanise yonke imibono evela emiphakathini eyahlukene. Ibhekele umphakathi ozithembayo futhi onezimilo ezinhle. Inhloso yalenhlangano ukuvuselela umoya woBuntu/Botho, ngokusebenzisa zonke izinsiza ezikhona kuhulumeni nasemphakathini. I MRM izibophezele ekusungulweni ezimilweni ezinhle ezincike kumthetho sisekelo wezwe, "okuyiwona oyisisekelo esichaza ngezimilo esizibophezela kuzo futhi esifisa ukuthi zonke izizwe zomhlaba zisibone ngazo."
Ukunikeza amathuba ukuze kuxilongwe isikhathi esedlule, esamanje mayelana nezimilo eNingizimu Afrika.
Ukuveza amaqhinga kanye nemizamo yokukhanda kabusha izimilo zomphakathi eNingizimu Entsha Yentando Yeningi.
Ukulekelela ekusungulweni kwenhlangano yeningi ukusiza ukuxhasa uhulumeni, umphakathi ngemizamo yokuhlela izinhlelo ezingenziwa ukuze kuvuselelwe imiphakathi ngokwezimilo.
Ukwenza izinhlelo ezingeke ziphele zokuvuselelwa kwezimilo.
Ukuthuthukisa imizamo kazwelonke yokwazisa ngokusungulwa komphakathi onezimilo ezinhle, onakekelayo futhi ongenakho ukungcola.
Ukuqinisa isizinda zenkululeko yethu etholakale kanzima kanye nentando yeningi ngokwakha umphakathi onezimilo ezinhle ngokugxile kusomqulu wokuziphatha kanye nenhlonipho.
Ukwethula uhlelo lukazwelonke oluzolandelwa okuzoqalwa ngalo ezinhlelweni zikazwelonke kanye nezesifundazwe ngokubhekela isilinganiso esiphakathi nendawo.
Ukusebenzisa iqhinga elingenza ukuthi abamaphepha nemisakazo bebambe iqhaza ekudluliseni imibiko mayelana neNhlangano Yokuvuselelwa Kwezimilo (MRM) ezweni lonke.
Ukusungulwa kohlelo lokubambisana oluhlanganisa umphakathi wonkana, osomabhizinisi kanye nohulumeni.
Ukusungula amaqhinga ajulile asebenzisa izindlela ezahlukene ezingenza ukuthi kutholakale izixazululo ukuze kususwe ukungcola emiphakathini.
Ukwethulwa kwe MRM kwaba ukuhlangana okwehlukile ngoba wahlanganisa abantu abawu 1 300 besuka ezindaweni ezahlukahlukene zaleli izwe, bagfika ngamabhanoyi, amabhasi, izimoto, befuna ukuthola izindlela zokwakha umphakathi onobuntu. Kwakukhona ongqongqoshe, ondunankulu, amalungu ephalamende, abaholi bamaqembu ombusazwe, yintsha, abaholi benkolo, izinhlangano ezizimele, osomabhizinisi kanye nezinhlangano zabasebenzi. Bakhombisa ukuzinuikela kwabantu base Ningizimu Afrika ukuba babambe iqhaza kulombhidlango wokwakha isizinda kwenhlangano wokuvuselelwa kwezimilo kulelizwe. Ukwethulwa kwanikeza ithuba izakhamuzi zalelizwe lokuma hlangothi lunye ekuholeni kanye nokukhuluma ngezwi linye ngezinto eziphathelene nokuvuselelwa kwezimilo.
Usihlalo we MRM usobaba Smangaliswa Mkhatshwa wamukela zonke izihambeli, okwalandelwa yinkulumo eyathulwa isekela likaMongameli u Mnu Jacob Zuma, okuwuyena owavula ukwethulwa futhi wabe esexolisela uMnu Thabo Mbeki owuMongameli Wezwe owathathwa wuhambo. Umnumzane Cedric Mayson wanikeza isithombe sezinkinga izwe elibhekene nazo ngaphansi kwesihloko esithi: Iyini inkinga?
Ukubulala!, ukweba!, ukudlwengula!, izidakamizwa, ukuntshontsha, ubandlululo, ukuqola, ukuduna, ukuhlukumeza abesimame nezingane, isikhala phakathi kwabacebile nabampofu, ukubandlulela ngokwenkolo, ukuhlebana, umgolo, ukungcola kuhulumeni kanye nasemphakathini. Kungani konke lokhu kwenzeka kithi?
Kumele siqale ngokucubungula isisusa senkinga. Siye sahlomula ukwehluleka kwesikhathi esedlule, umthelela wokuphathwa ngamazwe aphesheya kanye nobandlululo, okuye kwagobisa ukucabanga kwentu kanye nendlela esicabanga ngayo, safundiswa kabi konke lokhu kwasishiyela izinkinga ezinkulu. Futhi kuningi ukwehluleka kwamanje. Inkululeko ikwenze kwabalula ukubhekana nenselelo yezinguquko kusukela ekucindezelweni kwamazwe aphesheya kuza esikweni lentando yeningi okuhambisana nokuzibophezela. Kusho ukuthi kumelwe kube nendlela entsha yokubhekana nempilo kusukela ngo 1994.
Abaningi bagxeka abezindaba, isikhathi esiningi baveza lokho esingafisi ukukuthuthukisa: ukuhluleka kwamaphoyisa ukubopha abephula umthetho, izinkantolo, kanye nababhekene nokuqondisa izimilo, noma bagxeka uhulumeni.
Kodwa kumelwe sizibuze thina. Ukuba nempahla kanye namandla kugudluza umbono womhlaba omusha kuye ebugovini bokufuna amandla amaningi nobugovu kulomhlaba.
Singakubuyisa kanjani ukugxila kwethu ebuntwini - uma kungukuthi imali iphenduka isithixo abaningi bayayikhonza, uma kungukuthi inqubo yethu yenza abantu abaningi bahlupheke, futhi uma umoya wesintu nezimilo ezinhle uya ngokuya ushabalala?
Ithemba lethu lokuphendula lezizinkinga ligxile ngokwanele. Ezinye izizwe zinezinkinga ezifanayo, kodwa izindlela esizibophezela ngayo ukuphendula lezizinkinga ihlukile.
Amandla esinawo wukuthi amasiko ethu azibophezela empilweni enhle kithi sonke.
Izimpande zethu zikomakhelwane bethu lapho abantu behlala khona, besebenza khona futhi bedlala ndawonye. Singasikhanda isizwe esisha ngenxa yokubambisana kwabo bonke abantu balelizwe.
Inhloso yethu ukuvuselela izinhlangano zethu kanye nezinhlaka, hhayi ukuqala entsha. Ukuvuselelwa kwezimilo yilapho esikhona.
Lapho sikhona kanye nasezinhlanganweni, futhi ngamunye, singaziphendula lezizinkinga ngokubhekana nenselelo yokuvuselelwa kwezimilo.
Ukhukhulela ngoqo wasekuseni, othulwe uMnumzane Tim Modise, uye wayihlaba esikhonkosini, lokhu kuye kwenziwa ngokucula, kwadanswa kanye namagama agxile empumelelweni nokunye esingakwenza. Lokhu kuqinisekisa izimila esinazo ngaphakathi, isithunzi kanye nobuhle bomoyua wesintu. Lowa owayedla izidakamizwa, ophile nengculazi, ikwaya yasejele, iqembu labadansi lentsha - bonke bakhombise ngolimi lokwenza kanye nobuciko umoya wethemba lapho kwande ukuphelelwa yithemba, ukukhuthala lapho kunenselelo, ukuzibophezela lapho sibhekene nokwehla kwezimilo.
Umbiko ofanayo udluliselwe ngezinkulumo, lapho izihambeli zizwa ngokucabanga kanye nezinto ezenziwayo ukuze kuthuthukiswe ukuthuthukiswa kwezimilo kusukela jkosomabhizinisi abalwa nobugebengu, inhlangano kazwelonke elwa nokungcola, umkhandlu wabefundisi bamaRoma, amaHindu, abaholi bamakhomanisi, othisha, abenhlangano yokuvuselelwa kabusha kwe Afrika kanye nabanye.
Ntambama, izihambeli zahlukana phakathi zaba amaqembu ayi 10 (elilodwa likazwelonke kanye nawu 9 ezifundazwe) ukuze kuboniswane ngamatulo okuqhubekela phambili nezinhlelo ze MRM. Iqembu ngalinye laba nomuntu ngamunye ovela ezinhlelweni ezahlukene zomphakathi, kanye nabathathu okuyibona abehola umhlangano - kube nochwepheshe oyedwa kulomkhakha. Ufasilithetha oyedwa omele izinhlaka zesifundazwe, ufasilithetha oyedwa owaba unobhala ukuze alungiselele umbiko obhaliwe.
Wonke umuntu wanikwa uqwembe ukuze abhale into edingekayo ukuze kuvuselelwe izimilo eNingizimu Afrika. Babonisana ngokwakudingeka ukuze kulethwe ushintsho, futhi yini eyenziwe kumanje ukuze kuhlanganiswe nokusha, yimiphi imiphumela elandelekile emkhakheni ngamunye, nanokuthi lokhu kungenziwa kanjani.
Uhlelo lokubonisana lwaluhlelwa ngezidingo zeqembu ngalinye. Amanye ahlukana aba ngamaqembu babe sebebika lapha sekuboniswana. Abanye bazikhethela bona izihloko ezisemqoka base bebonisana bonke. Konke okwenzeka kanye nokubonisana kwaqophwa kwakuqoqwa (summarised).
Ekupheleni komhlangano, ilunga ngalinye lacelwa ukuba lizibophezele futhi lanikwa ikhadi ukuba libhale zonke izinto umuntu azozenza ukuze axhase ukuvuselelwa kwezimilo eNingizimu Afrika. Ilungu labe selidlulisela ikhadi kwelinye ilungu, lelo akade angasebenzi nalo futhi kade bengazani ngaphambili kokuqala komhlangano, base becelwa ukuba ukuxhaswa ngamanye amalungu ngokuba bashayelane izingcingo esikhathini esingange nyanga.
Iphuzu elisemqoka kwaba yizinhlelo zomphakathi ezahlukene ezasebenza ndawonye esifundazweni ngasinye, amadolobha amakhulu kanye nomasipala, bathatha imiphumela yalomhlangano bawufaka ezinhlelweni zabo.
Ngabe bathini abantu abeqe enkulungwaneni ngokubonisana okwathatha amahora amabili ngokuphela kwezimilo kulelizwe Ngkusizwa ochwepheshe kanye nababebhala eqenjini ngalinye, okuningi kwaqoshwa, okusele ukuhlanganiswa kwamaphuzu asemqoka ngalezizinkinga ezikhonjiwe, iziphakamiso ngokumelwe kwenziwe kanye nezinguquko?
Zonke izifundazwe zaqopha ukungeneliseki kwazo ngokuhlakazeka kwemindeni kanye nokuphela kwamandla kohlaka lomndeni. Umkhaya yingxenye yokuqala yomphakathi, umndeni wabonwa ngabanye ababamba iqhaza njengethuluzi elisemqoka ekufundiseni nasekukhuliseni izimilo, ukuziphatha kahle kanye nasekuthuthukiseni, nasekuqinisekeni kwazo ukuze umndeni ube nendawo yayo esemqoka emphakathini.
Ukungabi bikho kobaba, noma ukulahleka kwesithunzi sobaba ngenxa yokuhlukumeza kuyinkinga enkulu. Abanye babantwana ababazi onina. Abanye abababoni nhlobo ngenxa yokuxineka yimisebenzi. Ukungabibikho ukuqondiswa abazali, ukungabibikho kwezibonelo kanye nokuqondiswa, lokhu kushiya abantwana abaningi bengavikelekile. Ngenxa yalokho abaningi bayehluleka ukuzibona ukuthi bangobani kanye nobumqoka bempilo.
Abantwana abaningi baba yizisulu sokuhlukunyezwa ngokwengqondo, ngokomzimba noma ngokocansi ngabazali noma yizihlobo, okubashiya belimele impilo yonke, futhi bengakwazi ukubona izinto ezinhle kanye nobumqoka bezinto ezinhle emndenini yabo. Abaningi babo bayizintandane ngenxa yengculaza.
Abadala baya ngokuya benganakwa emiphakathini yethu. Ukuhlakanipha kwabo nolwazi akusathathwa njengento eyigugu sebebukeka bewumthwalo ngokwezimali kunokuba babe abaqondisi nabakhuthazi.
Abaganene bayehluleka ukugxilisa nokugcina ukuzwana kwabo, ngokuvamile kuhlukanisile futhi lokhu kugcina kudale izinkinga emphakathini nakwezomnotho.
Amanye amaqembu akholelwa wukuthi isisusa sakho konke lokhu kusuka ohlelweni lokuthi ubaba nguyena omkhulu emndenini ngakho lokhu kumnikeza ilungelo lokuhlukumeza ngokomzimba ngokwengqondo nangokomoya abesimame. Alukho uhlelo olusha lokuvuselela ngaphandle kokuvuselela ngokugcwele kwesithunzi nezinga lokuphila labesimame.
Iziphakamiso eziningi zavela. Uhulumeni kanye nabaholi bezenkolo bacela ukuthi befake isiko lokuphilisana ndawonye ngokomoya okubizwa ngokuthi "letsema". Kunesidingo sokuhlala kunokuthula empilweni yomshado, nokunakekelwa kwemindeni enabazali ngabanye. Uhlelo oluphezulu lokukhulisa abantwana okungebona abakho kunanikeza izintandane, abantwana abalahliwe ithuba lokuphila impilo yasekhaya.
Ukubonisana okuningi kwakubheke ekuthenini yini eyenziwayo ukuze kuqiniswe futhi kuxhaswe impilo yomndeni. Amanye amaqembu ahalalisela uhulumeni ngokushaya umthetho othuthukisa amalungelo ezingane nabesimame, futhi azuzisa nabesilisa ngokufanayo. Izinhlangano zendawo kanye name NGO kade befundise ngalemithetho, futhi kweminye imiphakathi izigungu zasungulwa ukuze zithuthukise impilo yomndeni kanye nezimilo zomphakathi.
Okuningi kudinga ukwenziwa ukuze kuguqulwe umndeni. Lokhu kumele kuhlanganise ukukhuluma ngezinto ezisemqoka ukuvuselelwa kweAfrika ngokuthi kuvuselelwe kabusha ngokomoya kanye nezimilo empilweni yomndeni, ukugcizelela kakhulu "ukuthi ingane yami ingane yakho, futhi umzali wakho umzali wami" futhi nokuthuthukisa ubumqoka bothando, ukubekezelelana, ukuthula kanye nokuthembana. izinhlelo zokuxhasa umndeni kumele kube ezibonakalayo.
Umndeni ubonakala njengohlelo lokuthuthukisa izimilo yinhlangano ebizwa ngokuthi MRM ngoba yisona sithunywa esisemqoka ukuze sikhulise izimilo, imicabango kanye nokuziphatha.
Amaqenjana omhlangano abheka ubugebengu kanye nokungcola. Isisusa sobugebengu sisukela ekungahlonipheni kwempilo kanye nokucindezelwa kontanga, ukungaziqhenyi ngobuzwe bakho kanye nokungazibophezeli kwamanye amalunga amaphoyisa. Kwaba nesicelo sokubambisana phakathi kukahulumeni kanye nabamabhizinisi, amaphoyisa kanye nomhpakathi kwagxilwa kukho. Wonke amaqembu agcizelela isidingo semikhankaso kuzo zonke izifundazwe yokulwa nobugebengu kanye nokungcola.
Konke ukubonisana kwaphakamisa ukuthi abashayi bendweba kumele baklonyeliswe, omunye waphakamisa ukuthi kuhlale kunenombolo evulekile yabashayi bezindweba. Ukuhlanganiswa komphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekuphulweni komkhankaso wobugebengu kanye nokungcola kuyadingeka, futhi nesidingo sokuqinisa izikhungo zokuvikela mphakathi kwaphakanyiswa.
Ngokungangabazaki, ubuphofu kubonakala njengento enobungozi kakhulu ekuvuseleleni izimilo. Kodwa lokhu akusho ukuthi abampofu yibona ababi, ngoba abampofu yibona abajwayele ukukhombisa ubuntu. Ukuvuleka kwesikhala phakathi kwabampofu nabacebile yikhona okungamukelekile. Kudala yonke into embi ephathelene nezezimali kanye nezinkinga ezikhona emphakathini, njengokungasebenzi ubuphofu, okugcina sekulekelela ekulimaleni kwezimilo emphakathini kanye nakomakhelwane. Kungani uhlelo lwezomnotho lwalelizwe kusenzele abantu abaningi kangaka babe mpofu?
Ukwehla kwezimilo kufana nendwangu engenamphetho. Zonke izinto ezibamba iqhaza enhlekeleleni yezimilo zihlangene. Ubugovu kanye nokuzibhekela komuntu uqobo okwenza ukuthi enganaki abanye, umzamo kanye nokuhluleka kosomabhizinisi abancane ukuze bakwazi ukuphila, ukunyuka kwezinto - konke lokhu kuya thinta izinga lokuphila kwabantu, kubaphoqelela ukuthi bagcine benze noma yini ukuze bekwazi ukubeka ukudla etafuleni.
Kube nesicelo kuwo wonke umuntu ukuthi akudalwe amathuba emisebenzi ikakhulukazi entuthukweni ekulezo zindawo. Abanye baphakamisa ukuthi akudalwe amathuba emisebenzi elokishini kanye nasemakhaya ukuze kuvinjwe intsha ukuthi itheleke emadolobheni. Abanye baphakamisa ukuthi imindeni ayigqugquzelwe ukuthi itshale ukudla. Ezinye iziphakamiso zokudala imisebenzi zaphakamisa ukubambisana okwahlukahlukene, kungasetshenziswa imishini, kuqeqeshelwe amakhono, ukuzethemba, amathuba alinganayo imigomo kanye nokwenza. Amathuba afanayo kulabo ababolekisa ngemali, amathuba okubolekwa kwemali kwabahluphekayo, kanye nokuthola izinga lemfundo eliphakeme, kanye namathuba emifundaze abhekele abantu basemakhaya. Umthwalo obhekene nezakhamizi ezinemali zalelizwe ukuze kusizakale lezi ezinenamali nakho kwaphakanyiswa.
Uhlelo lwemfundo esalutholayo kulelizwe alinabo ubuntu, luhlelelwe ukuthi imfundo yolunye uhlanga ibe ngcono bese kunciphisa amathuba kulezi ezinye izizwe. Lokhu kuthatha futhi kuyoqhubeka kuthatha mizamo emikhulu ukulungisa lesisimo.
Okunakeka kakhulu ukuthi azikho ezemidlalo ezikoleni. Amaqembu amaningi athinta lokhu njengesinye sezisusa sokuthi abantu babe nobuntu, okudingekayo ukuthi intsha iqeqesheke kahle emakhonweni okusebenzisana, ukunakekela abanye kanye nokuzibophezela. Ezemidlalo zifuna ukuvuselelwa njengohlelo lokuthokozisa umphakathi hhayi ukuncintisana. Lokhu kohlanganisa ukubuyisa yabomdabu ukuze bekwazi ukubamba iqhaza ekuhlanganiseni ezemidlalo nesiko. Ezemidlalo imvamisa zikunikeza abantu obambisana nabo okungenzeka bengabi bikho ekhaya.
Kusemqoka ukuthi iNingizimu Afrika ikhumbule okwenzeka ngesikhathi esedlule, umoya wokulwa nobandlululo kanye neqhaza elabanjwa yintsha, ikakhulukazi ekunqabeni ukuthi benikwe imfundo ephansi, lokhu kwaholela ezidubedubeni zase Soweto zika 1976. Uhlelo lwethu lwezomlando kumele luzifake lezizigigaba ukuze abantwana bethu bazi ukuthi basuka kuphi, futhi bekujabulela kuba yintsha yaseNingizimu Afrika.
Imfundo kumele ibukwe ngehlo elivulekile ingagcini nje kuphela emfundweni yamazinga aphansi, ephakeme kanye namanyuvesi. Uma kungukuthi imfundo izobamba iqhaza ekuvuseleleni izimilo zomphakathi wethu kumele ingabheki nje kuphela emfundweni yasezikoleni noma izikhungo ezithile, futhi kumele ikhulise umoya wokufuna ukwazi kanye nokwenza izinto ezithile ezithuthukisa isiko lokufunda. Kwaba nokuvumelana ukuthi abazali kumele babambe iqhaza kanye nabaholi bomphakathi emfundweni. Okwasithokozisa kakhulu kwaba ukuphakanyiswa kokuthi akufakwe imigomo eqonde ekuguquleni umuntu ngaphakathi njengendlela ekahle yokulwa nobugebengu emphakathini. Omunye umnyombo okwakhulunywa ngawo kwaba ukwethula kwemfundiso yomphakathi ezikoleni, ikakhulukazi amalungelo abantu kanye nomthetho sisekelo wezwe. Amanye amaqembu aphakamisa ukuvuselelwa kwezimilo ukuthi kumelwe kufakwe ohlelweni lwezikole njengomzamo wokugcina loluhlelo luhlale lukhona.
Imiphakathi yanamuhla ayiyigqugquzeli intsha ngezindlela ezahlukahlukene. Lokhu kudalwa ukungabibikho kwabazali abayizibonelo, ukwehla kokuzimisela kothisha, ukuncipha kwamathuba emisebenzi uma beqeda. Lokhu kuphinde kubangelwe phambili ingcindezi yontanga ekuthatheni izidakamizwa kanye notshwala, ukubhebhetheka kokukhulelwa kwentsha, okuyiyonanto kakhulu ethusayo. Kungaba ukutholakala kwe HIV kanye nengculaza futhi nokungabibikho kokuhlonishwa kwempilo nje.
Amaqenjana aphakamisa ukusungulwa kwemisebenzi ebhekene nokuthuthukiswa kwentsha, ilapho abezenkolo kanye nezinhlangano ezizimele (NGO) banconywa. Izinhlelo zentsha kanye noqeqesho oluvuselela ezezimilo zaphakanyiswa. Kwaba nemibiko ephathelene nezinhlelo ezifundisa amakhono zikoleni, imizamo yentsha ekufinyeleleni emiphakathini ikakhulukazi abadala kanye nalabo abaphila negciwane lengulaza, kanye nezemidlalo.
Ngaphandle kokubheka lokho osekwenziwe, kwabonakala ukuthi kuningi okudinga ukwenziwa, kuhlanganise ukwakhiwa kwezindawo zokuqeqesha intsha nokuhlanganisa izinhlangano zamasiko kanye nezemidlalo ukuthi zifake kakhulu, esinye isiphakamiso kwaba ukuthi akubekhona izikhungo zentsha lapho abafundisi asebathatha umhlalaphansi bezozinikela ukusiza intsha.
Abezindaba abekho ngaphandle. Bangomakhelwane bethu, bangamalunga emindeni yethu futhi bangabangani, futhi banonembeza. kubukeka kungezwanwa phakathi kwabezindaba, umphakathi, kanye nohulumeni kuyinkinga futhi kudinga ukuxazululwa.
Enye into eyinkinga kuye kwaba ukuthwetshulwa abezindaba ngabenhlangano ebizwa ngokuthi yi North American Cultural Imperialism. Umuntu kufanele akubuke lokhu ngokuduna kwemidlalo kamabonakude. Okuphinde kubangele phambili ukunyuka kokukhonjiswa kwezinhlelo kumabonakude zodlame kanye nezocansi. Isexwayiso esithi imidlalo ayibukwe ngaphansi kwesiqondiso sabazali asanele, ngoba abantwana abaningi bahlala ngaphandle kwabazali.
Abezindaba basemqoka kakhulu ekudluliseni imiyalezo yokuvuselelwa kwezimilo. Bengaba neqhaza ekudluliseleni imicabango emihle kanye nezimilo ngendlela efanelekile. Ngalesisizathu ubumnini babezindaba kanye nendlela kudinga ukuthi kuvuleleke futhi kwazeke ukuthi kothintwa ubani uma kunenkinga, izintatheli kumele ukuthi zizibophezele ekuthembekeni kanye nokuvikela umsebenzi wabo. Kumele ukuthi kuqinisekiswe ukuthi kukhonjiswa izinhlelo zakuleli kumabonakude. Abezindaba kumele baqinisekise ukuthi bafaka izindaba eziletha izinguquko kanye nokuqedwa kobuphofu kanye nokuveza umlando walabo abaye bathembeka futhi baba yizibonelo entsheni.
Akuwona wonke amaqembu akhuluma ngeqhaza inkolo engayibamba ekuguquleni izimilo zomphakathi, kodwa kwabakhona ukuphakamisa okukhulu ekuthenini akubanjiswane futhi kuhlonishwane phakathi kwezenkolo emzameni yazo yokukhulisa lesisizwe ngokwezimilo. Amaqembu ezenkolo kufuneka ehlise ukuziphakamisa wona kanye nezinhlelo zawo kodwa ebhekele kakhulu izidingo zokukhulisa abantu ngokomoya. Lokhu kokwenza umphakathi wamasonto ubambe iqhaza kwi RDP yomphefumulo.
Esinye isiphakamiso kwaba ukuphakamisa ukubambisana phakathi kukahulumeni kanye nabamasonto kuwo wonke amazinga, ukuze kuxhunyanwe futhi kunikezelwane ngosizo. Umthetho sisekelo wezwe ukholelwa ekuhlukaniseni kwabezenkolo kanye nohulumeni, kodwa lokhu akusho ukuthi akungabanjiswana, kodwa kusho ukuthi izinhlaka azibekhona ukuze kube khona ukubambisana phakathi kukahulumeni nabezenkoso, ikakhulukazi emazngeni aphansi.
Abaholi babukeka beyizibonelo futhi kumele ukuba bathembeke, kumele kubeyibona abakhomisa izimilo ezinhle. Umholi okahle uyokwazi kuhlanganisa ulwazi lwaseAfrika kanye nalolo lwasentshonalanga. Kumele ukuthi bamukele abantu benjengoba benjalo futhi bekwazi ukwemukela mibono eyahlukahlukene, bekwazi ukuhlonipha ngokukhombisa uBuntu botho. isikhala phakathi kwabaholi kanye nomphakathi kumele sihlonishwe.
Esinye isifundazwe saphakamisa ukuthi kuqeqeshwe abaholi ngezinselelo ezivela kwi MRM okungaholela ekwakhiweni komgomo wokuziphatha kubaholi oncike kwi MRM. Izifundazwe zidinga ukuthi zikwazi ukubala izinga lezimilo zabaholi, isibonelo: uma kungukuthi ikhansela libanemali eningi lisesehovisi.
Konke lokhu kuzama ukuhlanganisa umoya kanye nelaka lababehambele ukwethulwa kwe MRM, futhi bezwakalisa izwi labantu. Lelizwi kumele lizwakale kakhulu futhi licace. Lenhlangano ye MRM inomsebenzi omningi okumele wenziwe njengoba kunjalo nezinhloso zayo.
Ukulalela intando yabantu ngokuvuselelwa kwezimilo kungacishe kufane nalokho okwenzeka ngonyaka ka 1995-6 lapho kwamukelwa khona iziphakamiso ezingaphezu kwesigidi lapho kwaphakanyiswa ukuxhumana okwahlukahlukene okwagcina kuholele ekwakhiweni komthetho sisekelo kanye nosomqulu wamalungelo. ekubambeni iqhaza okuvulelekile kwawo wonke umuntu kanye nezinhlangano zomphakathi ohlelweni olufuna ukwenziwa kokwenza I MRM isebenze.
Ukuthatha kwalezozingane kanye nezimilo.
Ukusungula izinhlelo zokusiza umphakathi.
Ukuqinisekisa izikhungo nomoya wobuntu. zomphakathi ezibhekene nokuthuthukiswa komndeni kanye nezimilo.
Kunxenxwe umuzwa wokuthi osomabhizinisi nabo banomsebenzi okumele bawenze.
Kukhuthazwe inkulumo mpikiswano mayelana nezimilo ezikoleni kugqugquzelwe imibono ehlukene ezikhungweni eziphezulu zemfundo ngokuba nemihlangano ehlukahlukene.
Ukuhlanganisa izinhlangano zemidlalo ukuze kuvuselelwe ezemidlalo ezikoleni nasemiphakathini.
Ukusebenzisa laba abagqamile njengezibonelo bezemidlalo ukuze intsha ibukele kubo futhi isizakale ekubeni nezimilo ezinhle.
Ukugcizelela izindaba ezithuthukisa izinguquko nokuqedwa kwendlala.
Kuthuthukiswa izinto zakulelizwe ezinhlelweni zikamabonwakude.
Kuqokwe abangaba yizibonelo entsheni kulaba abagqamile emiphakathini.
Ukusebenza imisakazo yemiphakathi ukwazisa nge MRM.
Ubuholi emaqenjini ezombusazwe kukhulunywe ngokuziphatha kahle ngomoya we MRM.
Kwenziwe uhlelo olusakubala somphakathi. ngokuziphatha kubaholi abasanda kukhethwa, ikakhulukazi amakhansela ezindawo.
Ukwethulwa kwe MRM kwaba yinqophamlando, kwaqondisa kokubili uhlelo kanye nohla lokubambisana phakathi kukahulumeni nomphakathi ekuphokopheleni ukwakha inhlangano I MRM enenqubekela phambili kulelizwe. Lokhu kwasiza ukukhomba izinto okumele kuqalwe ngazo, iminyakazo okumelwe yenziwe ezifundazweni nakweminye imikhakha. Yaphinda yasiza labo ababamba iqhaza ukuthi bechaze isimo senkinga futhi babonisane indlela okubonakala ngayo ukufa kwezimilo, futhi banikeza ithuba kulabo ukuba kukhulunywe ngamaqhinga nemizamo ukuze kwakhiwe kabusha ukuziphatha emphakathini kulelizwe elisha lentando yeningi.
Ukwethulwa kwalenhlangano kwayifeza inhloso yakho yokuhlanganisa ubuchule kanye nokuhlanganisa zonke izinhlelo ezikhona, ulwazi kanye namathuluzi akhona okwakha uhlaka lokwakhiwa komphakathi onezimilo ezinhle, onakekelayo futhi ognenakungcola. Ukwethulwa ngokusemthethweni kwe MRM kwanika lelizwe ithuluzi lawowonke umuntu lokuvuselela futhi nokuqinisekisa kwezimilo futhi kubuyiselwe ukuziqhenya, isithunzi kanye nenhlonipho ngezwe lethu.
Ngeke kube khona ukuvuselelwa kwezimilo uma izakhamuzi zakulelizwe zingabambi iqhaza. Lenhlangano I MRM kumelwe ihlanganise bonke abantu bakulelizwe, abesilisa, abesimame, kanye nezingane kuwo wonke amazinga omphakathi ohlelweni oluzothatha iminyaka emine.
Kumelwe kusetshenziswe laba abayizibonelo ezinhle esinabo kuyoyonke imikhakha ukuze kube yibo abagqugquzela intsha njengohlelo oluphambili ukuze sikwazi ukulwa nezinhliziyo, izingqondo kanye nemiphefumulo yabantu bakithi.
Ukuze inhlangano ye MRM iphumelele koncika kakhulu ekuthini abantu basizana kangakanani kuwo wonke amazinga omphakathi.
Izinhlelo ezikhona kumelwe zixhunywe nohlaka lwemiphumela elindelekile kuhambisane nesikhathi esinqunyiwe, futhi kumele siqashelwe.
Abantu abaningi babuza ngezixazululo zokwethulwa kwalenhlangano, kodwa akukhona lokho okwakulindeke kulomhlangano. Izindlela eziningi zokuziphatha kanye nezixazululo zaphakanyiswa kusuka ngo 1998 kuqala lenhlangano, kodwa inkinga ayikaxazululwa. Ukuvuselwa kwezimilo akuxazululwa ukukhuluma okuphezulu, kodwa ngokwenza kwabantu abaphansi, kodwa ukwethulwa kwalenhlangano kwaba nesixazululo esisodwa esilula: Buyela ekhaya wenze okuthile mayelana nokuvuselelwa kwezimilo.
Kusukela lapho, abaningi ababekhona sebeke bahlangana, baphinda bamema abanye ukuthi babajoyine, base beqala ikomidi lesifundazwe (provincial MRM committee). Iningi labo laxhaswa ngokwanele ohulumeni besifundazwe kanye nabasekhaya futhi kuye kwaba nokukhula kwababambe iqhaza bezinhlaka ezahlukene emphakathini. Iningi labo benza amalungiselelo okwethula I-MRM esifundazweni ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
Ukwethulwa kuye kwagqugquzela nabazimele ukuthi bebambe iqhaza, futhi imizamo yezingxoxo iyaqhubeka ukuze kuhlanganiswe futhi kubanjiswane kulemzamo.
Abaningi sebeye babona ukuthi kulula ukubiza abantu, kodwa akulula ukwenza izinhlangano ezahlukene ukuba zibambisane ekutheni isizwe sishintshe ukwenza nokuziphatha. Umzamo wokushintsha umphakathi kusho ukwakha umuzwa wobunye nokubumbana lokhu ukwakhulula lelizwe.
Ezingeni likaZwelonke, ikomidi le MRM okuyilona elahlela ukwethulwa kwalenhlangano selakhuliswa ukuze bebebaningi ababamba iqhaza, base bekhetha ikomidi elincane elingunobhala ukuze libhekane nezindaba zansuku zonke. Kunabasebenzi abayimbijane abasebenza ehhovisi likaZwelonke. Umxhumanisi kaZwelonke okuwuyena odudula inqola, umxhumanisi walomsebenzi usiza izifundazwe kanye nabazimele uma bedinga usizo ekuhleleni izinhlelo ezithile kanye nokubambisana bese kuthi onobhala bekuhlanganise ndawonye.
Ukuxhumana kuyinto esemqoka, futhi sekusungulwe iqembu elizokwethula iweb-site ukuze wonke umuntu ahlale azi ukuthi yini ezayo, kanye nokuhlelwa kwebhuku le-MRM nalo elokwenza okufanayo futhi libe nezihloko ngezilimi zabomdabu.
Umhlangano wonyaka we MRM uhlelelwa ukuba ube ngo April ka 2003 lapha imibiko iyokwethulwa khona, kulekelelwane bese kuthi iqembu le MRM elizokwenza izinto likhethwe.
Uhlu lwamalungu onke lutholakala ekomkhulu le MRM.
Uma ufuna ukuba sohlweni lweposi kwelinye lamakomidi, sicela usibhalele ekomkhulu noma lelokomidi ufuna ukuxhumana nalo.
